Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 37:32 - IsiZulu 2020

32 Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ababi babuka olungileyo bafune ukumbulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 37:32
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayigcina leyo ngubo eduze kwakhe, waze wabuya umyeni wakhe.


Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi ukuphi ukuze ngithumele ngimbambe.” Yatshelwa ukuthi: “Uyabona-ke, useDothani.”


Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.


Ungabavumeli baphunyule ngenxa yobubi babo, ngentukuthelo, qumba phansi izizwe, Nkulunkulu.


Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,


Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


Ayesethi lawo madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, ngaphandle kokuthi sithole okuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.”


behlose ukumhila, ukuze bambambe ngamazwi akhe.


Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi.


Bamqaphela, base bethumela izinhloli ezazizenza abalungileyo ukuba zimhile ngakushoyo, ukuze bamnikele kumbusi nasegunyeni lesiphathimandla.


Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo.


Kepha icebo labo laziwa nguSawula. Babemlindela ngisho nasemasangweni, imini nobusuku, ukuze bambulale.


USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ