Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 35:8 - IsiZulu 2020

8 Mabehlelwe yinhlekelele bengazelele, ugibe abangigodlele lona kukhalakathele bona kulo, babhujiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ukonakala makumfice engazelele; futhi makabambe kuphela lokho akufihlayo; akawele kuleyoncithakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 35:8
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela


Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa.


Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ