Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 35:1 - IsiZulu 2020

1 Phikisana, Simakade, nabangiphikisayo, yilwa nabalwa nami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngilwele, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabalwa nami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 35:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”


Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.


Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo wenza konke ekutshela khona, ngiyobazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho.


ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.


ngokuba umhlengi wazo unamandla; uyakuyimela indaba yazo.


Noma kunjalo, uSimakade uthi: “Yebo, abathunjwa abangamaqhawe bayakuthathwa, nempango yabacindezeli yophulwe, kodwa Mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngibasindise abantwana bakho.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho, ngikuphindiselele, ngilomise ulwandle lwalo, ngenze umthombo walo ushe.


Nkosi, uyimele indaba yami, wayihlenga impilo yami.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”


kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ