Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 33:16 - IsiZulu 2020

16 Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 33:16
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”


Wayesehlanganisa izinsizwa zezikhulu zezifunda; zazingama-232. Emva kwazo wahlanganisa abantu bonke; abakwa-Israyeli babeyizi-7 000.


“Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


USimakade wathumela ingelosi eyabhubhisa wonke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna enkanjini yenkosi yase-Asiriya. Yabuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, abozalo lwayo bayibulala ngenkemba khona lapho.


Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.


Ungayethemba yini, ngoba amandla ayo emakhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo na?


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Amanzi abuyela amboza izinqola zempi, nabagibele amahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyayibalandela; baminza olwandle, akwaze kwasala namunye.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu.


Onejubane ngeke aphunyuke; onamandla akayukuzihlenga ngamandla akhe, neqhawe aliyukuyisindisa impilo yalo.


Obambe umnsalo eciba akayukuma; ogijima ngezinyawo zakhe akayukusinda, nogibele ihhashi akayukuyisindisa impilo yake.


Ngakho-ke manje nginike leli lezintaba uSimakade akhuluma ngalo ngalolo lusuku, ngokuba nezwa ngalolo lusuku ukuthi ama-Anaki ayelapho nemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uSimakade uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokusho kukaSimakade.”


USimakade wathi kuGideyoni: “Amabutho anawe maningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sawo, funa u-Israyeli athathe udumo kungabi ngolwami, ethi: ‘Isandla sami singisindisile.’


USimakade wathi kuGideyoni: “Abantu basebaningi kakhulu, yehla nabo uye emanzini, ngizokuvivinyela bona lapho. Uma ngithi: ‘Lona uzohamba nawe,’ uzohamba nawe; uma ngithi: ‘Lona akazukuhamba nawe,’ akayukuhamba.”


Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ