Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 31:18 - IsiZulu 2020

18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izindebe zamanga mazithuliswe; abakhuluma ngokuzidla nangokudelela abalungileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 31:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izinceku zakhe zakhuluma okunye okuphambene noSimakade uNkulunkulu, nenceku yakhe, uHezekiya.


Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


Simakade, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.


Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.


Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.


AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.”


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”


Esefikile, abaJuda ababehle bevela eJerusalema bema bemngungile, bambeka uxhaxha lwamacala anzima abangenabufakazi bawo.


ukubehlulela bonke nokujezisa yonke imiphefumulo ngenxa yemisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu, abayenze ngokungahloniphi, nangawo wonke amazwi anesihluku abawakhuluma ngaye; lezi yizoni ezimbi.”


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ