Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 30:12 - IsiZulu 2020

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 30:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.


KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


Ngizohlabelela kuSimakade ngokuba ungenzele okuhle.


Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.


Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nomphefumulo wami uyethaba, ngisho nomzimba wami uyohlala ulondekile.


Sizincoma njalo ngoNkulunkulu wethu, silibonge igama lakho ingunaphakade. Sela


Vuka mphefumulo wami, vukani lugubhu nehabhu! Ngizovusa intathakusa.


Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi.


Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Waphendula wathi: “Ngithi kini: uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


“Amen! Udumo, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nokuhlonishwa, namandla, nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ