Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 28:3 - IsiZulu 2020

3 Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi, abakhuluma ukuthula kwabakhelwane babo, kepha kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 28:3
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi.


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.


Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela


Sinemihelo ngobubi; sikhulelwe ububi, sizala amanga.


Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.


Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ