Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 27:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba uyangithukusa etendeni lakhe ngesikhathi sokuhlupheka; uyangithukusa endaweni yokucasha yetende lakhe; Uzongimisa phezu kwedwala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 27:5
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahlala nabo ebhacile endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; ngesikhathi u-Athaliya ebusa ezweni.


Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho,


Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo.


Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili.


Makabongwe uSimakade, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo ngesikhathi ngisemzini ovinjezelweyo.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.


Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.


Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.


Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.


Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.


Ngobuqili, benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ