Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 22:16 - IsiZulu 2020

16 Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 22:16
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.


Hlenga umphefumulo wami enkembeni, impilo yami, esidladleni senja.


Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami.


Zibuya kusihlwa, zihlabe umkhulungwane njengenja, zizulazule emzini.


Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja, bezulazula emzini.


Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe.


Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Labo ababembambile uJesu bamyisa kuKhayifase, umphristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona izazimthetho namalunga.


Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho,


“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.


Ambethela esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe ngokwenza unkatho, ukuze kwazeke ukuthi yilowo nalowo uthathani.


Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo.


Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo.


Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, ayesethatha izingubo zakhe, azehlukanisa amaqoqo amane, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.


Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha.


Kukhona nomunye umbhalo othi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”


Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.” Kepha wathi kubo: “Uma ngingaliboni inxeba lezipikili ezandleni zayo, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”


Wayesethi kuThomase: “Letha umunwe wakho lapha, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwa, kodwa okholwayo.”


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ