Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 21:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba inkosi ithembela kuJehova, nangomusa woPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 21:7
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.


Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe; ngilihubele igama loPhezukonke.


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”


UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ