Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 18:30 - IsiZulu 2020

30 Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 18:30
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda.


Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini.


Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.


“Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe; uyisihlangu kwabaphephela kuye.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ