Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 17:13 - IsiZulu 2020

13 Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Vuka, Jehova, umdumaze, umwise; sindisa umphefumulo wami kwababi, okuyinkemba yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 17:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni.


Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho.


Hlenga umphefumulo wami enkembeni, impilo yami, esidladleni senja.


Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo.


Sukuma, usisize. Sihlenge ngenxa yomusa wakho.


Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.


Ivela emazweni akude, emikhawulweni yezulu. USimakade uze nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuzobhubhisa umhlaba wonke.


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ