Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 16:11 - IsiZulu 2020

11 Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 16:11
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.


Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.


Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.


Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe, lowo ogibela amafu, nimenzele indlela, igama lakhe nguSimakade, yethabani phambi kwakhe.


Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.


Bonke abazisondeza kuye ababuyi, abafinyeleli emikhondweni yokuphila,


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Akayiqikeleli indlela yokuphila, funa ukwenza kwakhe kuguquke engazelele.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi izimise ngakwesokhohlo sayo.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu.


Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’


wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”


Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ