Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 147:14 - IsiZulu 2020

14 Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wenza ukuthula endaweni yakho, akugcwalise ngengqoloyi enhle kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 147:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: “Abakuthandayo mabaphumelele.


USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo, abantulayo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo, yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, niyoncela, niphathwe ngezingalo zalo, nitotoswe nisemathangeni.


Wahlotshiswa ngegolide nangesiliva, isembatho sakho sasiyilineni elicolekileyo, usilika, nengubo efekethisiweyo. Wadla impuphu ecolisekileyo, uju, namafutha. Impela wawumuhle kakhulu, waphumelela, waze waba yindlovukazi.


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba kuwe; bahweba impahla yakho ngokolo waseMinithi, ngojeqe, ngoju, ngamafutha nangebhalisamu.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Ngiyakuyivikela indlu yami, ukuze kungabi bikho mabutho adlulayo nabuyayo; akusayukudlula mcindezeli kubo, ngokuba manje sengizibonele ngawami amehlo.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ