Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 145:19 - IsiZulu 2020

19 Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uzakwenza okufiswa ngabamesabayo; Futhi uyokuzwa ukukhala kwabo futhi abasindise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 145:19
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho.


USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.


Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho.


Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala.


zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ