Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 138:2 - IsiZulu 2020

2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 138:2
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.


KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe, kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?


Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele Yena.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Uma athi bangonkulunkulu, labo izwi lakhe elafika kubo, nombhalo ungechithwe,


Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukufezile lokhu ngesandla sakhe, ethi:


“USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele indlu igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


okufezile encekwini yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo; yebo, lokho owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.


Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ