Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 134:1 - IsiZulu 2020

1 Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo lamabanga.) Bhekani, dumisani uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 134:1
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bona nabozalo lwabo babephethe amasango endlu kaSimakade, indlu yethende, beyiqapha.


Ebusuku babehlala beyizungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba yibona okwakumele bayiqaphe, bayivule futhi ekuseni, imihla ngemihla.


Abanye abahlabeleli babeyizinhloko zezindlu zoyise zabaLevi, besemakamelweni, bekhululiwe kweminye imisebenzi, ngokuba babesemsebenzini imini nobusuku.


Madodana ami, ningabi ngabanganaki, ngokuba nina uSimakade unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho.”


nime endaweni engcwele ngokwezigaba zezindlu zokhokho babafowenu, abantu besizwe, kube khona abaLevi kuleso naleso sigaba sendlu yokhokho.


uBhakibhukiya, u-Uno nabafowabo, bemaqondana nabo ngezigaba.


Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.


Haleluya! Mdumiseni uSimakade zinceku zakhe, dumisani igama likaSimakade.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Umphefumulo wami ulindela iNkosi kunabalindi abalindela ukusa.


Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.


Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide, zonke izinhlupheko zakhe.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


Niyohlala ngasemnyango wethende lokuhlangana imini nobusuku, izinsuku eziyisikhombisa, nigcine umyalo kaSimakade ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabadala.”


Ngakho-ke bami phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, bamkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nalowo ohleli esihlalweni sobukhosi uyakwendlala ithabanakeli phezu kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ