Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 121:7 - IsiZulu 2020

7 USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyakukuvikela kukho konke okubi; Uzoqapha umphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 121:7
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.


USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Olungileyo akayukwehlelwa nangokukodwa okubi, kepha izikhohlakali zigcwele ukukhathazeka.


“ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ