Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:53 - IsiZulu 2020

53 Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:53
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.


kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?


Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.


Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa izikhalo zabo namazwi abo.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


“Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami,


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.


Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ