Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:144 - IsiZulu 2020

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiqondise, ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:144
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu.


Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.


Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho.


Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho.


Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ukwesaba uSimakade kungukuhlanzeka, kumi kuze kube phakade. Izehlulelo zikaSimakade ziliqiniso, zilungile zonke.


Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.


Gcina imiyalelo yami, uphile, nemfundiso yami, njengenhlamvu yeso lakho.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ