Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 115:4 - IsiZulu 2020

4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 115:4
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


Kwathi lapho isidlulile imini, baphrofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubanga khona zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


aphonsa onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengeyibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zabantu nje, imithi, namatshe, yingakho ebabhubhisile.


Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.


aphonsa onkulunkulu bazo emlilweni, nakuba bebengesibo onkulunkulu, bebengumsebenzi wezandla zomuntu, bewukhuni namatshe nje, ngakho-ke babhujiswa.


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


Ngubani owenza unkulunkulu, abumbe umfanekiso ongenakukwenza okuhle na?


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Bonke abenza izithombe ezibunjiweyo bayize, nezinto abazithokozelayo azinanzuzo kubo, ofakazi babo ababoni, futhi kabazi, bayothelwa ngehlazo.


ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igenkle, ihabhu, umqangala, ugubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa; niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Ngokuba livela kwa-Israyeli, ingcweti ilenzile, kodwa alisiye uNkulunkulu; impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?


Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ