Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 106:24 - IsiZulu 2020

24 Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 106:24
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wayesemupha isinkwa nesilovela samalentili. U-Esawu wadla, waphuza, wahamba. U-Esawu walidela kanjalo ilungelo lobuzibulo bakhe.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.


“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu;


“Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu,


“Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.


Makungabi bikho muntu oxegelwa yisimilo, kumbe odumazayo njengo-Esawu owathengisa ngobuzibulo bakhe ngesidlo esisodwa nje.


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Ngakho-ke lokhu sinomPhristi omkhulu kakhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.


Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa.


Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo.


Kepha ngithanda ukunikhumbuza, nanxa nikwazi konke lokhu ukuthi iNkosi isisikhululile isizwe eGibhithe, emveni kwalokho yabhubhisa labo abangakholwanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ