Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 106:2 - IsiZulu 2020

2 Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova na? ngubani ongamemezela zonke izindumiso zakhe na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 106:2
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, ubude, ukuphakama, nokujula kothando lwakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ