Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 10:16 - IsiZulu 2020

16 USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 10:16
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!


USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga, ehlulele izizwe ngobuqotho.


USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Wena Simakade, umi ingunaphakade, isihlalo sakho sobukhosi siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ