AbAhluleli 6:13 - IsiZulu 202013 UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202413 UGideyoni wathi kuye: “Awu, Nkosi yami, uma uJehova enathi, kungani konke lokhu kusehlele na? ziphi zonke izibonakaliso zakhe okhokho bethu abasitshela ngazo, besithi: UJehova kasikhuphulanga yini eGibhithe? kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |