Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 5:14 - IsiZulu 2020

14 Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kwa-Efrayimi kwakukhona impande yabo kuma-Amaleki; emva kwakho, Bhenjamini, phakathi kwabantu bakho; kwaMagiri kwaphuma ababusi, nabakwaZebuloni abaphatha usiba lombhali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 5:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.


Amadodana kaRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini.


Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.


“Bethani uphondo eGibheya, nishaye icilongo eRama; nihlabe umkhosi eBhethi Aveni nithi: Baphezu kwakho Bhenjamini!


U-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wafa, wangcwatshwa ePhirathoni, ezweni lakwa-Efrayimi kwelezintaba lama-Amaleki.


U-Egiloni ehlangene nabakwa-Amoni nabase-Amaleki bamhlasela, bamehlula u-Israyeli, badla uMuzi Wamasundu.


Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.


UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


“Kwase kwehla insali yesikhulu, abantu bakaSimakade bahamba behla ukubhekana nonamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ