Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 4:21 - IsiZulu 2020

21 Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khona-ke uJayeli umkaHebhere wathatha isikhonkwane etendeni waphatha isando ngesandla sakhe, waya kuye ngobumnene, wasibethela isikhonkwane ezinhlafunweni zakhe, wasigxisha emhlabathini, ngoba wayelele ubuthongo obukhulu futhi ekhathele. Ngakho wafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 4:21
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.


Phela kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuqeda nya ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, ngikwenze ize ukuqonda kwabanokuqonda.”


Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla.


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sasekhohlo wahosha inkemba yakhe eyayisethangeni lakhe lesokunene, wamgwaza ngayo u-Egiloni esiswini;


Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.


Wathi kuye: “Yima emnyango wethende, uma kufika noma ngubani ebuza, ethi: ‘Kukhona bani lapha, na?’ ubothi: ‘Akukho muntu.’ ”


Wathi efika uBharaki exosha uSisera, uJayeli waphuma wayomhlangabeza, wathi kuye: “Woza ngizokukhombisa indoda oyifunayo.” Wayesengena ethendeni likaJayeli; wamfica uSisera edindilizile, efile, kunesikhonkwane enhlafunweni yakhe.


UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ