Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 3:28 - IsiZulu 2020

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uSimakade uzinikele esandleni senu izitha zenu zakwaMowabi.” Behla bemlandela, bavimba emazibukweni omfula iJordani awelela kwaMowabi, abaze bavumela muntu ukuba awele kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu!” Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu, abakwaMowabi, esandleni senu.” Behla bamlandela, bathumba amazibuko aseJordani kwaMowabi, abavumelanga muntu ukuba awele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 3:28
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yabhubhisa amahhashi nezinqola zempi, yabulala ama-Aramu amaningi kakhulu.


Amadoda azilandela ngendlela elibangise eJordani aze ayofinyelela emazibukweni alo. Athi ukuba aphume amadoda ayezilandela, lavalwa isango.


USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na?


AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,”


Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye.


UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.


Umngani wayo waphendula wathi: “Lokhu akusho lutho ngaphandle kokuthi inkemba kaGideyoni, indodana kaJowashi, indoda yakwa-Israyeli, uNkulunkulu unikele esandleni sayo uMidiyani nempi yakhe yonke.”


Lapho uGideyoni elizwa iphupho nencazelo yalo, wakhuleka, wayesebuyela enkanjini yakwa-Israyeli, wafike wathi: “Vukani, ngokuba uSimakade uyinikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”


Wathi kuwo: “Bhekani mina, nenze njengami uma ngifika emaphethelweni enkambu, nenze njengoba ngenza.


UGideyoni wathumela izigijimi kulo lonke elisezintabeni kwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani nilwe nabakwaMidiyani, nithathe imithombo kuze kuyofika eBhethi Bhara naseJordani.” Wonke amadoda akwa-Efrayimi abizwa, athatha imithombo yamanzi kwaze kwayofika eBhethi Bhara naseJordani.


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Vuka wehlele enkanjini, ngokuba ngiyinikele esandleni sakho.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ