Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 20:26 - IsiZulu 2020

26 Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Bonke abantwana bakwa-Israyeli nabo bonke abantu bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bakhala, bahlala phansi phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga phambi kukaJehova. NKOSI.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 20:26
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”


Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.


UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.


Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.


Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.


Ngosuku olulandelayo, abantu bavuka ngovivi, bakha i-althare lapho, banikela imihlatshelo yokushiswa nemihlatshelo yokuthula.


Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ