Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 14:6 - IsiZulu 2020

6 UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, waklebhula izinyane lembuzi, engenalutho esandleni sakhe; kodwa kabatshelanga uyise lonina lokho ayekwenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 14:6
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.


Akayukukhala, akayukuliphakamisa izwi lakhe, akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kukaJeftha, wadabula kwaGileyadi nakwaManase. Wedlulela eMizpha kwaGileyadi, wasuka eMizpha kwaGileyadi waya kubantu bakwa-Amoni.


UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla.


Wayesehla, wakhuluma nowesifazane, wamgculisa lowo owesifazane uSamsoni.


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


Wawahlasela ngonya olwesabekayo, wabulala amaningi; wayesehamba wayohlala emfantwini wedwala e-Ethamu.


USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wazidudula ngamandla akhe wonke; indlu yawela phezu kwamakhosi, nabo bonke abantu ababekuyo. Ngakho-ke labo ababulala ngesikhathi sokufa kwakhe babebaningi kunalabo ababulala esaphila.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


USawule wathi kuyisekazi: “Usitshelile impela ukuthi izimbongolo zitholakele.” Kepha akamtshelanga indaba yobukhosi akhuluma ngayo uSamuweli kuye.


UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.


Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho.


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ