Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 14:17 - IsiZulu 2020

17 Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wakhala inyembezi phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, kusedilini labo; ngosuku lwesikhombisa wamtshela, ngokuba wayemlimazile; wayitshela abantwana babantu bakubo imfihlakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 14:17
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekugcineni, emva kokumcindezela ngamazwi usuku nosuku, embelesele, waze wacikeka kakhulu uSamsoni.


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


Uyiphambukisa ngamazwi akhe amaningi ahehayo; uyiyenga ngokuthopha kwezindebe zakhe.


Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


UDelila wathi kuSamsoni: “Kuze kube manje usahlekisa ngami, futhi ungitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani, na?” USamsoni wathi kuye: “Uma ungeluka amagoda ayisikhombisa ekhanda, uwahlanganisa nezintambo eziphothiwe, uwabethele esikhonkwaneni, ngizoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”


UDelila wathi kuSamsoni: “Ake ungitshele ukuthi yini ekwenza ube namandla amakhulu kangaka, nokuthi ungaboshwa kanjani ukuze unqotshwe, na?”


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Ngalokho-ke umkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda, awungithandi neze. Ubuze abantu bakithi imfumbe, kodwa awukaze ungichazele mina.” USamsoni wamphendula wathi: “Bheka, angikaze ngimtshele ubaba noma umama imbala. Pho ngiyakukutshela kanjani wena, na?”


Amadoda omuzi athi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Yini emnandi kunoju na? Yini enamandla kunebhubesi na?” Wayesethi kuwo: “Ukuba anilimanga ngesithole sami, ngabe aniyitholanga incazelo yemfumbe yami.”


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ