Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 11:26 - IsiZulu 2020

26 Ngesikhathi abakwa-Israyeli besahlala eHeshibhoni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nemizana yalo, nakuyo yonke imizi emaqondana ne-Arinoni, iminyaka engama-300, awuyithathanga ngani ngaleso sikhathi, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lapho u-Israyeli ehlala eHeshiboni nasezindaweni ezingaphansi kwalo nase-Aroweri nemizila yayo nasemizini yonke engaseceleni kogu lwase-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu na? pho kungani ungawabuyisanga phakathi naleso sikhathi?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 11:26
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yima endleleni, uqaphele wena ohleli e-Aroweri, buza kobalekayo nakowesifazane ophunyukile, uthi: ‘Kwenzenjani na?’


Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.


USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’


Sayibhubhisa yaphela nya, njengalokhu senza kuSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, sayishaya sayiqothula yonke imizi enamadoda, abesifazane, nezingane.


UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo wonke lawo makhosi.


inkosi uSihoni wama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri elisonqenqemeni lwesigodi i-Arinoni, naphakathi nesigodi, kuze kufike emfuleni iJabhoki, umngcele wama-Amoni okungukuthi yingxenye kwaGileyadi,


ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.


nayo yonke imizi yenkosi uSihoni wama-Amori owayebusa eHeshiboni, kuze kuyofika emngceleni wama-Amoni,


Indawo yabo yayisuka e-Aroweri ngasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nawo wonke amathafa ngaseMedeba,


neHeshibhoni, nayo yonke imizi yalo esethafeni; iDibhoni, iBhamothi Bhali, iBhethi Bhali Mehoni,


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.


Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.


U-Abhimelekhi wabusa u-Israyeli iminyaka emithathu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ