Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 10:9 - IsiZulu 2020

9 Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 10:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UZera, umKhushe, waphuma namabutho ayizi-100 000 nezinqola eziyizi-3 000 ukuba azolwa naye, wafika eMaresha.


Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”


babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.


Emveni kwesikhathi, abakwa-Amoni balwa nabakwa-Israyeli.


Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.


Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.


Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.


USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ