Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 6:16 - IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 6:16
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”


UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.


UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.


Sihawukele, Simakade, sihawukele, ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.


Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.”


Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ