Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 6:12 - IsiZulu 2020

12 Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kwasekutshelwa inkosi uDavida ukuthi: I Nkosi yabusisa indlu kaObede Edomi lakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wayesehamba, wawuletha umphongolo kaNkulunkulu ngokujabula endlini ka-Obede Edomi, wawusa emzini kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 6:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwana, abaholi boyise babantu bakwa-Israyeli babuthana enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuze bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade emzini kaDavide iZiyoni.


Esefikile wonke amalunga akwa-Israyeli, abaphristi bawuphakamisa umphongolo.


Bawukhuphula umphongolo kaSimakade, nethende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisethendeni, abaphristi nabaLevi bawukhuphula.


Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade.


KwakunguDavide, namalunga akwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane abahamba bethokoza bayokhuphula umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endlini ka-Obhede Edomi.


isivumelwano asenza no-Abhrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


U-Obhede Edomi wayenalawa madodana: izibulo kunguShemaya, eyesibili uJehozabhadi, eyesithathu uJowa, eyesine uSakhari, eyesihlanu uNethaneli,


eyesithupha u-Amiyeli, eyesikhombisa u-Isakhare, eyesishiyagalombili uPhewulethayi; uNkulunkulu wayembusisile impela.


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni.


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ