Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 3:25 - IsiZulu 2020

25 Uyazi ukuthi u-Abhineri, indodana kaNeri, ubeze ukuzokukhohlisa, nokwazi ukuphuma nokungena kwakho, nokuthi akwazi konke okwenzayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi uze ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho nokwazi konke okwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 3:25
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kubo: “Qha, nize ukuzohlola izwe ukuthi lintengantenga kuphi.”


Thumelani omunye wenu ukuba amlande umfowenu. Nina nonke nizoboshwa ukuze kubonakale ukuthi enikushilo kuyiqiniso yini; uma kungenjalo, ngimfunge uFaro, niyizinhloli.”


UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”


UJowabe waya enkosini wathi kuyo: “Ukwenzeleni lokhu na? Bheka, u-Abhineri ubefikile kuwe; umyekeleni wahamba ngokuthula na?


UJowabe, esephumile phambi kukaDavide, wathumela izithunywa emva kuka-Abhineri, zambuyisa esengasemthonjeni eSira, kodwa uDavide wayengazi ngalokho.


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’


USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.


“Ngiyakwazi ukusukuma kwakho, nokuhlala phansi kwakho; ukuphuma nokungena kwakho, nokubhovumula kwakho ngami;


ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”


Kwakukhona ukuvungazela okukhulu ngaye ezixukwini, abanye bethi: “Ungumuntu olungileyo.” Abanye bethi: “Qha, ukhohlisa isixuku.”


AbaFarisi baziphendula, bathi kuzo: “Nani seniluthekile yini na?


Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.


“Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ