Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 3:18 - IsiZulu 2020

18 Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwenzeni manje, ngokuba uJehova wakhuluma ngoDavide, wathi: “Ngesandla sikaDavide inceku yami ngiyakophula abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 3:18
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ