Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 24:16 - IsiZulu 2020

16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi ingelosi yelulela isandla sayo eJerusalema ukuyichitha, uJehova wazisola ngobubi, wathi engelosini eyayibhubhisa abantu: “Kwanele, bamba isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 24:16
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,


wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:


UGadi wafika kuDavide ngalolo lusuku, wathi: “Yenyuka wakhele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ”


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


USolomoni waqala ukwakha indlu kaSimakade eJerusalema, entabeni iMoriya, lapho uSimakade abonakala khona kuyise uDavide, endaweni uDavide ayeyilungisile, esibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


USimakade wathumela ingelosi eyabhubhisa wonke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna enkanjini yenkosi yase-Asiriya. Yabuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, abozalo lwayo bayibulala ngenkemba khona lapho.


Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe.


Indlela yabo mayibe mnyama, ishelele, ingelosi kaSimakade ibahubhe.


Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Buya, Simakade! Kuyoze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”


Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


“Kambe uHezekiya, inkosi yakwaJuda noJuda wonke, bambulala yini uMikha na? Abesabanga yini uSimakade, bamncenga uSimakade, Yena wayiyeka inhlekelele ayekhulume ngayo kubo na? Pho, thina sesizakwehlisela phezu kwethu ububi obukhulu kangaka na?”


‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.


Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nokunyanyekayo emazinyweni abo, nabo bayakuba yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekhroni njengamaJebusi.


Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi,


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


Sebeseduze neJebusi, ilanga lase lishonile; inceku yathi enkosini yayo: “Woza, ake siphambukele kulo muzi wamaJebusi, silale ubusuku kuwo.”


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ