Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 23:9 - IsiZulu 2020

9 Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, indodana ka-Ahowahi. Wayengomunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhlazana edelela amaFilisti ayeqoqene lapho ukuze alwe no-Israyeli, kodwa abakwa-Israyeli base behambile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngemva kwakhe kwakukhona u-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide, lapho bephikisana namaFilisti ayelapho ukuba alwe, futhi abantu bakwa-Israyeli bahamba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 23:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Owayephethe isigaba sesibili kwakunguDadayi, umAhohi; singena ngenyanga yesibili isigaba sakhe. Esigabeni sakhe kwakukhona umbusi, uMikhilothi, beyizi-24 000.


Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.


UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ