Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 22:44 - IsiZulu 2020

44 “Wangikhulula ekulweni kwabantu; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bayakungikhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Futhi wangisindisa ekuxabaneni kwabantu bami, wangilondoloza njengenhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 22:44
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”


Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu.


Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.


Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Iyakwehlulela phakathi kwabezizwe, kugcwale izidumbu, ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.


Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho.


Bheka, ngimenze abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali wabantu.


Bheka, uyobiza izizwe ongazazi, nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Ngokuba isizwe nombuso okungeke kukukhonze kuyophela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa nya.


“Ngavuma ukufunwa yilabo abangangicelanga, ngafunyanwa ngabangazange bangifune, ngathi: ‘Ngilapha, ngilapha,’ esizweni esingabizwanga ngeGama lami.


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


U-Izaya ubuye athi: “Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi, eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


Njengalokhu esho nakuHoziya ethi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami, ngokuthi yisizwe sami; nalowo ongathandiwe, ngokuthi uthandiwe;


USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ