Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 21:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani indodana kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 21:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yathi kuZiba: “Uyabona-ke, konke obekungokukaMefibhoshethi sekungokwakho.” UZiba wayesethi: “Ngiyakhuleka ukuba ngifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”


Kwathi esefike eJerusalema ukuzohlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibhoshethi?”


UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi.


UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.


UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


Ngithi: gcina umyalo wenkosi, ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise.


ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.”


UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.


Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ