Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 21:10 - IsiZulu 2020

10 URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 URispa indodakazi ka-Aya wathatha izingubo zokulila, wamendlalela zona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwawa amanzi avela ezulwini phezu kwazo, akazivumelanga izinyoni zezulu ukuba ziphakame emini ukuba zikhuphuke. Phumula, nezilwane zasendle ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 21:10
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”


UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?”


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho wonke, nezizwe ezikanye nawe, ngikunikele kuzo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo ezidla inyama, nasezilwaneni zasendle ukuba zikudle.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Maye, sekububula nemfuyo! Imihlambi yezinkomo yehla yenyuka ikhungathekile, ngokuba ayinamadlelo, nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.


Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.


Celani imvula kuSimakade ngenkathi yayo entwasahlobo. USimakade uhlomisa izulu, anise imvula; aphe kube yilowo nalowo okudliwayo kwasendle.


ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho.


akhumule izingubo zakhe zokuthunjwa; uyohlala endlini yakho, alilele uyise nonina inyanga yonke, andukuba uye kuye ulale naye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.


“Uma umuntu onile efanelwe wukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.


Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ