Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:4 - IsiZulu 2020

4 Inkosi yamboza ubuso, yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hawu, ngendodana yami, u-Absalomu, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inkosi yasimboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “O ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:4
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe, indodana kaZeruya, wabona ukuthi inhliziyo yenkosi iku-Absalomu.


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hawu ngendodana yami, u-Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! Sengathi ngabe kufe mina esikhundleni sakho, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


Abantu bangena benyenya emzini ngalolo lusuku kungathi banamahloni, ngoba bebalekela impi.


UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ