Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:39 - IsiZulu 2020

39 Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela. Inkosi yamanga uBharizilayi, yambusisa; wayesebuyela ekhaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Bonke abantu bawela iJordani. Inkosi isifikile, inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:39
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.


ULabani wavuka ekuseni, wanga abazukulu bakhe namadodakazi akhe, wababusisa, wayesehamba ebuyela emzini wakhe.


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


UJakobe wambusisa uFaro, wayesesuka phambi kukaFaro.


UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro.


Inkosi yathi ku-Absalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sibe ngumthwalo kuwe.” Wayincenga, kodwa ayivumanga ukuhamba naye, nokho yambusisa.


UJowabe waya enkosini, wayibikela. Inkosi yambiza u-Absalomu, weza kuyo, wakhothama phambi kwayo wathi mbo ngobuso emhlabathini; inkosi yamanga u-Absalomu.


Inkosi yathi: “UKhimihamu uyakuwela nami, ngiyakumenzela okuhle emehlweni akho; konke okufisayo ngiyakumenzela khona.”


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla.


UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”


U-Elisha wazishiya izinkabi, wagijima elandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”


UBhileyamu wasuka, wahamba, waphindela kwakhe, noBhalaki wabona eze ngayo.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Khonzani kubo bonke abazalwane ngokwanga okungcwele.


Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.


UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ