Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:24 - IsiZulu 2020

24 UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi; wayengalungisanga izinyawo zakhe, engalungisanga nesilevu sakhe, engahlanzanga futhi izingubo zakhe, kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha uMefibosheti, indodana kaSawule, wehla ukuhlangabeza inkosi, futhi akalungisanga izinyawo zakhe, nentshebe yakhe, futhi akazigezanga izingubo zakhe, kusukela osukwini inkosi eyamuka kwaze kwaba usuku eya ngalo ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:24
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


Inkosi yayisithi: “Iphi indodana yenkosi yakho?” UZiba wathi enkosini: “Ihleli eJerusalema ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli izowubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


UZiba wathi enkosini: “Ngizokwenza njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyale ngakho inceku yayo.” UMefibhoshethi uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.


“Bheka, ungakuwe uShimeyi, indodana kaGera wakwaBhenjamini waseBhahurimi, owangithuka ngendlela ebuhlungu mhla ngiya eMahanayimi. Kepha wehla wangihlangabeza ngaseJordani, ngase ngifunga kuye phamabi kukaSimakade, ngathi: ‘Angiyukukubulala ngenkemba.’


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ