Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 18:5 - IsiZulu 2020

5 Inkosi yayaleza uJowabe, u-Abhishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami; ngisho u-Absalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Absalomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkosi yabayala oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Yibani mnene nensizwa ku-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyala zonke izikhulu ngo-Abisalomu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 18:5
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Lowo muntu wathi kuJowabe: “Noma ngabe bengizokhokhelwa izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane esandleni sami, nokho bengingeke ngibeke isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba sizwile ngezindlebe zethu inkosi ikuyala wena no-Abhishayi no-Ithayi, ithi: ‘Yilondeni insizwa u-Absalomu.’


Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, ililela u-Absalomu.”


Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.


UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ