2 Samuweli 16:10 - IsiZulu 202010 Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE10 Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202410 Inkosi yasisithi: Ngilani lani, madodana kaZeruya? makaqalekise, ngokuba uJehova wathi kuye: “Thuka uDavide; Ubani-ke ozothi: Kungani wenze lokhu? အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’