Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 15:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi emveni kwalokho u-Absalomu wazakhela inqola yempi, wazitholela amahhashi, namadoda angama-50 ayezogijima phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemuva u-Abisalomu wamlungisela izinqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 15:1
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu nigibelise uSolomoni, indodana yami, umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni.


U-Adoniya, indodana kaHagithi, wayeziphakamisa, ethi: “Yimi engizokuba yinkosi.” U-Adoniya wazilungiselela inqola yempi nabamahhashi, nabantu abangama-50 ukuba bagijime phambi kwakhe.


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Lapho kuvela ukuziqhenya kulandela ihlazo, kodwa kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Owephula umthetho uthanda ingxabano; owenza isango lakhe liphakame ukhonga ukubhujiswa.


Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ