Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 13:28 - IsiZulu 2020

28 U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini, nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ bese nimbulala, ningesabi. Anginiyalanga na? yiba nesibindi futhi ube nesibindi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 13:28
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe esephuze iwayini, lamdaka walala enqunu ethendeni lakhe.


UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe.


Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.”


ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’


U-Absalomu wayinxenxa, yaze yavuma, yamthumela u-Amnoni nawo wonke amadodana enkosi.


Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.


Ngosuku lwesikhombisa, inkosi seyeneme kakhulu ngenxa yewayini, yayala abathenwa ababengabasizi bayo, uMehumani, uBhizitha, uHaribhora, uBhigitha, u-Abigitha, uZethari noKarikhasi,


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Inkosi yaseGibhithe yababiza ababelethisi yathi kubo: “Nikwenzeleni lokhu, nayeka abafana ukuba baphile na?”


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”


Lawo madoda amabili ahlala, adla, aphuza ndawonye, umukhwe wathi kumkhwenyana: “Ake uvume ukulala namuhla uthokozise inhliziyo yakho.”


Lapho indoda nesancinza sayo, nenceku yayo, besukuma ukuba bahambe, umukhwe wayo, uyise wentombi wathi kuyo: “Bheka, ilanga seliyashona, sekuzakuhwalala; ake nilale lapha ngalobu busuku. Uyabona ilanga seliyashona. Hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke ngovivi kusasa ningene indlela, nibuyele ekhaya.”


UBhowazi wadla, waphuza, wenama, wayesehla eyolala ngasekugcineni kwenqwaba yebhali. URuthi wanyonyoba wembula ingubo ezinyaweni zikaBhowazi, walala lapho.


USawule wayaleza ezincekwini zakhe, wathi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Uyabona, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda, ngakho-ke yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


USawule wafunga wagomela kowesifazane, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, awuyukwethweswa cala ngalokho.”


Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?” Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ