Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 12:26 - IsiZulu 2020

26 UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathumba umuzi wobukhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 12:26
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


UDavide wayesethi esithunyweni: “Ubofike uthi kuJowabe: ‘Le nto mayingabi ngembi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengoba yenza nakomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwubhubhise,’ bese umqunga isibindi uJowabe.”


Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.


UJowabe wathumela izithunywa kuDavide, wathi kuye: “Ngihlasele iRabha, ngawudla uMuzi Wamanzi.


Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,


Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?


IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ